Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Joshuwa 23:6, 7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 6 “Manje kumele nibe nesibindi sokugcina nokwenza konke okulotshwe encwadini yoMthetho + KaMose ngokuba ningalokothi nichezuke kuwo niye kwesokudla noma kwesobunxele, + 7 ngokuba ningalokothi nizihlanganise nalezi zizwe + ezisele phakathi kwenu. Akumele niwaphathe nokuwaphatha amagama onkulunkulu bazo + noma nifunge ngabo, futhi akumele nibakhonze noma nibakhothamele. +

  • 1 AmaKhosi 11:33
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 33 Lokhu ngizokwenza ngenxa yokuthi bangishiyile + bakhothamela u-Ashitoreti unkulunkulukazi wabaseSidoni, uKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi noMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abazange bahambe ezindleleni zami ngokwenza okuhle emehlweni ami nangokugcina imithetho yami nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

  • Jeremiya 49:1
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 49 Yilokhu uJehova akushoyo kuma-Amoni: +

      “U-Israyeli akanawo yini amadodana?

      Akanayo yini indlalifa?

      Kungani uMalkamu + ethathe indawo kaGadi? +

      Kungani abantu bakhe behlala emadolobheni ka-Israyeli?”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela