Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Isaya 61:7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    •  7 Esikhundleni sehlazo niyothola isabelo esiphindwe kabili,

      Esikhundleni sokululazeka bayomemeza bejabulela isabelo sabo.

      Yebo, bayothatha isabelo esiphindwe kabili + ezweni labo.

      Bayojabula phakade. +

  • Jeremiya 30:10
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 10 “Kodwa wena, nceku yami Jakobe ungesabi,” kusho uJehova,

      “Ungethuki Israyeli. +

      Ngoba ngizokusindisa ukude

      Nenzalo yakho ezweni ethunjelwe kulo. +

      UJakobe uyobuya ahlale ngokuthula angaphazanyiswa lutho,

      Kungekho muntu omenza esabe.” +

  • Jeremiya 33:7
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 7 Ngizobuyisa izithunjwa zakwaJuda nezithunjwa zakwa-Israyeli, + ngizobabusisa njengasekuqaleni. +

  • Jeremiya 33:9
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 9 Leli dolobha liyongenza ngijabule uma ngizwa igama lalo, liyokwenza zonke izizwe zomhlaba ezizwa ngakho konke okuhle engikwenzele abantu bami zingidumise futhi zingikhazimulise. + Ziyokwesaba zithuthumele + ngenxa yabo bonke ubuhle nokuthula engizolinika kona.’ ” +

  • Hezekeli 39:25
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 25 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngizobuyisela izithunjwa zikaJakobe, + ngibe nesihe kuyo yonke indlu ka-Israyeli; + ngizolilwela ngentshiseko igama lami elingcwele. +

  • Hezekeli 39:27
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 27 Lapho ngibabuyisa ezizweni futhi ngibaqoqa emazweni ezitha zabo, + nami ngiyozingcwelisa phakathi kwabo phambi kwezizwe eziningi.’ +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela