-
Ezra 9:6, 7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Ngase ngithi: “O Nkulunkulu wami, ngizizwa nginamahloni futhi ngiphoxekile. Angicabangi ukuthi ngiyakufanelekela ukuthandaza kuwe Nkulunkulu wami, ngoba iziphambeko zethu zandile phezu kwamakhanda ethu necala lethu likhule laze lafika emazulwini. + 7 Kusukela ezinsukwini zokhokho bethu kuze kube namuhla besilokhu sinecala elikhulu; + ngenxa yeziphambeko zethu, thina, amakhosi ethu nabapristi bethu siye sanikelwa esandleni samakhosi akula mazwe, sanikelwa enkembeni, + sathunjwa, + saphangwa, + sahlaziswa, njengoba kunjalo namuhla. +
-