Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Duteronomi 24:8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 8 “Lapho kuqubuka isifo sochoko,* kufanele uqikelele ukuthi wenza ngokuvumelana nakho konke abapristi abangamaLevi abayokuyala ngakho. + Qikelela ukuthi wenza njengoba nje ngibayalile.

  • 2 IziKronike 15:3
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 Kwase kuyisikhathi eside* u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, engenaye umpristi ofundisayo, engenawo nomthetho. +

  • Nehemiya 8:7, 8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 7 UJeshuwa, uBhani, uSherebiya, + uJamini, u-Akhubi, uShabhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKelitha, u-Azariya, uJozabhadi, + uHanani noPhelaya, ababengamaLevi, babechazela abantu uMthetho, + abantu bemile. 8 Baqhubeka beyifunda ngokuzwakalayo incwadi, uMthetho kaNkulunkulu weqiniso, bewuchaza kahle futhi bewucacisa; ngaleyo ndlela babasiza abantu ukuba bakuqonde lokho okwakufundwa. *+

  • Hezekeli 44:23, 24
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 23 “ ‘Kufanele bafundise abantu bami umehluko phakathi kokungcwele nokuvamile; bayobafundisa umehluko phakathi kokungcolile nokuhlanzekile. + 24 Kufanele babe abahluleli ecaleni lomthetho; + kumele bahlulele ngokuvumelana nezinqumo zami zokwahlulela. + Kufanele bagcine imithetho yami neziqondiso zami ngokuphathelene nayo yonke imikhosi yami, + bangcwelise amasabatha ami.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela