-
Marku 4:37-41IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
37 Kwabe sekuba nesiphepho esikhulu esinamandla, amagagasi ayelokhu ejikijeleka esikebheni, kangangokuba kwase kusele kancane ukuba isikebhe sigcwale amanzi. + 38 Kodwa yena wayengemuva esikebheni, elele.* Ngakho bamvusa bathi kuye: “Mfundisi, awunandaba yini nokuthi siyafa?” 39 Ngemva kwalokho wavuka wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Shh! Thula!” + Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu. 40 Ngakho wathi kubo: “Kungani nesaba kangaka? Anikabi nalo ukholo namanje?” 41 Kodwa bafikelwa ukwesaba okungajwayelekile, bakhuluma bodwa bethi: “Ungubani ngempela lo muntu? Ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.” +
-
-
Luka 8:23-25IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Kodwa njengoba behamba ngesikebhe, wazumeka. Kwaba khona isiphepho esinamandla echibini, isikebhe sabo sagcwala amanzi, ukuphila kwabo kwaba sengozini. + 24 Ngakho baya kuye bamvusa, bethi: “Mfundisi, Mfundisi, siyafa!” Wavuka, wawukhuza umoya namanzi agubhayo, kwadamba futhi kwazola. + 25 Wabe esethi kubo: “Luphi ukholo lwenu?” Kodwa babegcwele ukwesaba, bemangele, bekhuluma bodwa bethi: “Ungubani ngempela lo muntu? Uyala ngisho nomoya namanzi, kumlalele.” +
-