-
Luka 7:18-23IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Abafundi bakaJohane bambikela zonke lezi zinto. + 19 Ngakho uJohane wabiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini ukuba babuze bathi: “Ingabe wena unguYe Ozayo, + noma kumele silindele omunye?” 20 Lapho efika kuyo, la madoda athi: “UJohane uMbhapathizi usithume kuwe ukuba sibuze, ‘Ingabe wena unguYe Ozayo noma kumele silindele omunye?’ ” 21 Ngalelo hora yelapha abantu abaningi ekuguleni kwabo, + yelapha izifo ezimbi nemimoya emibi, yelapha nezimpumputhe eziningi ukuze zibone. 22 Yaphendula yathi kubo: “Hambani nibikele uJohane enikubonile nenikuzwile: Izimpumputhe seziyabona + nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanzwa nezithulu ziyezwa, + abafile bayavuswa futhi abampofu batshelwa izindaba ezinhle. + 23 Uyajabula ongasitholi isizathu sokukhubeka ngami.” +
-