-
Marku 7:25-30IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
25 Ngaso leso sikhathi owesifazane onendodakazi encane eyayinedemoni wezwa ngaye, weza wawela ezinyaweni zakhe. + 26 Lona wesifazane wayengumGreki, engumSirofenike ngobuzwe;* wayelokhu emcela ukuba axoshe idemoni endodakazini yakhe. 27 Kodwa wathi kuye: “Abantwana mabadle basuthe kuqala, ngoba akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonsele imidlwane.” + 28 Kodwa waphendula wathi kuye: “Ngiyakuzwa mnumzane, kodwa ngisho nemidlwane engaphansi kwetafula idla izimvuthu eziwa kubantwana.” 29 Wathi kuye: “Ngenxa yokuthi usho lokhu, hamba; idemoni seliphumile endodakazini yakho.” + 30 Ngakho wahamba waya ekhaya, wathola umntwana elele embhedeni, idemoni lase liphumile. +
-