-
Marku 12:35-37IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
35 Nokho, njengoba uJesu ayeqhubeka nokufundisa ethempelini, wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide? + 36 Ngomoya ongcwele, + uDavide ngokwakhe wathi, ‘UJehova* wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokudla sami ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’ + 37 Uma uDavide ngokwakhe embiza ngokuthi Nkosi, angaba kanjani indodana yakhe?” +
Isixuku esikhulu sasimlalele ngenjabulo.
-
-
Luka 20:41-44IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
41 Yena wababuza wathi: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide? + 42 Ngoba uDavide ngokwakhe uthi encwadini yamaHubo, ‘UJehova* wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokudla sami 43 ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ + 44 Njengoba uDavide embiza ngokuthi Nkosi, angaba kanjani indodana yakhe?”
-