-
Luka 11:49-51IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
49 Yingakho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi futhi: ‘Ngiyothumela kubo abaprofethi nabaphostoli, abanye babo bayobabulala futhi babashushise, 50 ukuze igazi labo bonke abaprofethi elachithwa kusukela ekusungulweni kwezwe lifunwe* kulesi sizukulwane, + 51 kusukela egazini lika-Abela + kwehle kuze kube segazini likaZakariya, owabulawa phakathi kwe-altare nendlu.’ *+ Yebo, ngiyanitshela, liyofunwa* kulesi sizukulwane.
-