-
Marku 15:6-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Umkhosi nomkhosi wayevame ukubakhululela isiboshwa esisodwa ababesicelile. + 7 Ngaleso sikhathi kwakunendoda okwakuthiwa uBharaba eyayiboshwe namavukela-mbuso, okwakuthe ekuvukeleni kwawo umbuso abulala. 8 Ngakho isixuku sakhuphuka sacela lokho uPilatu ayevame ukusenzela kona. 9 Wasiphendula, wathi: “Ingabe nifuna nginikhululele iNkosi yamaJuda?” + 10 Ngoba uPilatu wayeqaphela ukuthi abapristi abakhulu babemnikele ngenxa yomona. +
-