-
Marku 15:11-14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Kodwa abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba simenze asikhululele uBharaba esikhundleni sikaJesu. + 12 UPilatu ephendula waphinde wathi kuso: “Manje ngenzeni ngalowo enimbiza ngokuthi iNkosi yamaJuda?” + 13 Saphinda samemeza sathi: “Makabethelwe esigxotsheni!” + 14 Kodwa uPilatu wabe esethi kuso: “Ngasizathu sini? Yini embi ayenzile?” Noma kunjalo samemeza nakakhulu sithi: “Makabethelwe* esigxotsheni!” +
-