-
Marku 15:16-20IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 Amasosha abe esemyisa egcekeni, okuwukuthi, emzini wombusi, abizela ndawonye wonke amabutho. + 17 Amgqokisa indwangu ephephuli, aluka umqhele wameva amthwesa wona; 18 amemeza athi kuye: “Sawubona* Nkosi yamaJuda!” + 19 Ayemshaya ekhanda ngomhlanga, emkhafulela, futhi aguqa ngamadolo amkhothamela.* 20 Ekugcineni, ngemva kokuhlekisa ngaye, amkhumula indwangu ephephuli amgqokisa izingubo zakhe zangaphandle. Amyisa ngaphandle ukuze ayombethela esigxotsheni. +
-