-
Mathewu 16:13-15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Lapho esefike esifundeni saseKhesariya Filipi, uJesu wabuza abafundi bakhe wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani?” + 14 Bathi: “Abanye bathi inguJohane uMbhapathizi, + abanye bathi ingu-Eliya, + kanti abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaprofethi.” 15 Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani?”
-