9 UJehoyada umpristi manje wathatha ibhokisi + wabhoboza imbobo esivalweni salo walibeka eceleni kwe-altare kwesokudla lapho umuntu engena endlini kaJehova. Yilapho abapristi ababengabalindimnyango ababeyifaka khona yonke imali eyayilethwa endlini kaJehova. +