-
Luka 22:10-13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Wathi kubo: “Bhekani! Lapho ningena edolobheni nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo. + 11 Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iPhasika kanye nabafundi bami?” ’ 12 Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinefenisha. Lilungiseleni lapho.” 13 Ngakho bahamba bathola kunjengoba nje eshilo kubo, balungiselela iPhasika.
-