-
Mathewu 26:69-75IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
69 UPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni, futhi intombazane eyinceku yeza kuye, yathi: “Nawe futhi, ubunoJesu waseGalile!” + 70 Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angazi ukuthi ukhuluma ngani.” 71 Lapho ephuma eya endlini esesangweni, enye intombazane yambona yase ithi kulabo ababelapho: “Lo muntu ubenoJesu umNazaretha.” + 72 Waphinde waphika wafunga, wathi: “Angimazi lo muntu!” 73 Ngemva kwesikhashana, labo ababemi lapho beza bathi kuPetru: “Impela nawe futhi ungomunye wabo, ngoba eqinisweni, ulimi lwakho luyakuceba.”* 74 Khona-ke waqala ukuqalekisa nokufunga ethi: “Angimazi lo muntu!” Masinyane iqhude lakhala. 75 UPetru wakhumbula amazwi kaJesu lapho ethi: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzongiphika kathathu.” + Waphumela ngaphandle wakhala kalusizi.
-
-
Luka 22:55-62IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
55 Lapho bebasa umlilo phakathi negceke behlala phansi ndawonye, uPetru wayehlezi phakathi kwabo. + 56 Kodwa intombazane eyinceku, yambona ehlezi emlilweni, yambukisisa yathi: “Lo muntu naye ubekanye naye.” 57 Kodwa waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” 58 Ngemva kwesikhashana omunye umuntu wambona wathi: “Nawe futhi ungomunye wabo.” Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyena.” + 59 Cishe ngemva kwehora, omunye umuntu waphikelela egomela ethi: “Impela lo muntu naye ubekanye naye, ngoba eqinisweni, ungowaseGalile!” 60 Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyazi le nto oyishoyo.” Ngaso leso sikhathi, esakhuluma, iqhude lakhala. 61 INkosi yaphenduka yambheka ngqo uPetru, uPetru wawakhumbula amazwi eNkosi lapho ithi kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale namuhla uzongiphika kathathu.” + 62 Waphumela ngaphandle wakhala kalusizi.
-