-
Mathewu 9:16, 17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 Akekho umuntu othungela isichibi sendwangu entsha engutsheni yangaphandle endala, ngoba isichibi esisha siyayidonsa ingubo endala idabuke kakhulu. + 17 Abantu abalifaki iwayini elisha ezigujini* ezindala zewayini. Uma benza kanjalo, izigubhu zewayini ziyaqhuma, iwayini lichitheke nezigubhu zewayini zonakale. Kodwa abantu bafaka iwayini elisha ezigujini ezintsha zewayini, kulondolozeke kokubili.”
-
-
Luka 5:36-38IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
36 Wabe esebenzela umfanekiso ethi: “Akekho umuntu osika isichibi engutsheni entsha asithungele engutsheni endala. Uma enza kanjalo, isichibi esisha siyasuka kwesidala, nesichibi esivela engutsheni entsha ngeke sifanelane nendala. + 37 Akekho futhi umuntu ofaka iwayini elisha ezigujini* ezindala zewayini. Uma enza kanjalo, iwayini elisha lizoziqhumisa izigubhu zewayini, lizochitheka nezigubhu zewayini zonakale. 38 Kodwa iwayini elisha kumele lifakwe ezigujini ezintsha zewayini.
-