14 Ngesinye isikhathi, yahamba yayodla endlini yomunye wabaholi babaFarisi ngeSabatha, amehlo abo ayengasuki kuyo. 2 Phambi kwayo kwakukhona umuntu owayenesifo sokuvuvuka. 3 Ngakho uJesu wabuza labo ababeyizazi zoMthetho nabaFarisi, wathi: “Kungokomthetho yini ukwelapha ngeSabatha noma cha?” +