-
Marku 1:23-28IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Ngawo lowo mzuzu kwakukhona umuntu owayenamademoni esinagogeni labo, wamemeza wathi: 24 “Sihlangene ngani nawe Jesu waseNazaretha? + Ingabe uzele ukuzosibhubhisa? Ngazi kahle ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu!” + 25 Kodwa uJesu wawukhuza umoya omubi, wathi: “Thula, uphume kuye!” 26 Ngemva kokuba umoya omubi udlikizise lo muntu, wamemeza ngezwi elikhulu waphuma kuye. 27 Bonke abantu bamangala, baqala ukukhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokhu? Imfundiso entsha! Unegunya lokuyala ngisho nemimoya emibi futhi iyamlalela.” 28 Kungakabiphi, kwase kukhulunywa ngaye kuso sonke isifunda saseGalile.
-