-
Marku 2:3-12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Kwalethwa kuye okhubazekile ethwelwe amadoda amane. + 4 Kodwa ayengakwazi ukumngenisa kuJesu ngenxa yesixuku, ngakho avula imbobo ophahleni lwalapho uJesu ayekhona, ehlisa uhlaka okwakulele kulo okhubazekile. 5 Lapho uJesu ebona ukholo lwawo, + wathi kokhubazekile: “Mntwana, izono zakho zithethelelwe.” + 6 Kwakukhona abanye bababhali lapho, behlezi futhi becabanga: *+ 7 “Kungani lo muntu ekhuluma kanje? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?” + 8 Kodwa ngokushesha uJesu waqonda ngomoya wakhe ukuthi yini ababeyicabanga, wathi kubo: “Kungani nicabanga lezi zinto? + 9 Yikuphi okulula, ukuthi kokhubazekile, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’? 10 Kodwa ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu + inegunya lokuthethelela izono emhlabeni—” + wathi kokhubazekile: 11 “Ngithi kuwe, Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe uye ekhaya.”* 12 Nangempela wavuka, waluthatha masinyane uhlaka lwakhe waphuma phambi kwabo bonke. Bonke bamangala, bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Asikaze siyibone into enje.” +
-