Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 9:14, 15
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 14 Abafundi bakaJohane beza kuye babuza: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla kodwa abafundi bakho bona bengakuzili ukudla?” + 15 UJesu wathi kubo: “Abangani bomkhwenyana abanaso isizathu sokulila uma nje umkhwenyana + esenabo, akunjalo? Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, + khona-ke bayokuzila ukudla.

  • Marku 2:18-20
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla. Ngakho beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla kodwa abafundi bakho bona bengakuzili ukudla?” + 19 UJesu wathi kubo: “Lapho umkhwenyana + esenabo, abangani bomkhwenyana abanaso isizathu sokuzila ukudla, akunjalo? Uma nje besekanye naye umkhwenyana, abakwazi ukuzila ukudla. 20 Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, + khona-ke bayokuzila ukudla ngalolo suku.

  • Luka 7:34
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 34 INdodana yomuntu yona ize idla futhi iphuza, kodwa nithi: ‘Bhekani! Umuntu ominzayo nothanda ukuphuza iwayini, umngani wabaqoqi bentela nezoni!’ +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela