-
Luka 8:41, 42IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
41 Kwabe sekuza indoda egama layo linguJayiru; le ndoda yayiyisikhulu esengamele sesinagoge. Yawela ezinyaweni zikaJesu, yaqala ukumncenga ukuba angene endlini yayo, + 42 ngoba indodakazi yayo okuwukuphela kwayo,* eyayineminyaka engaba ngu-12 ubudala, yayifa.
Njengoba uJesu ehamba, izixuku zamcindezela.
-