-
Mathewu 11:16-19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 “Lesi sizukulwane ngizosifanisa nobani? + Sifana nabantwana abancane abahlezi ezigcawini abamemeza abadlala nabo, 17 bethi: ‘Sinishayele umtshingo kodwa anidansanga; salila kodwa anizange nibe lusizi.’* 18 Ngokufanayo, uJohane weza engadli futhi engaphuzi kodwa abantu bathi, ‘Unedemoni.’ 19 INdodana yomuntu ize idla futhi iphuza + kodwa abantu bathi, ‘Bhekani! Umuntu ominzayo nothanda ukuphuza iwayini, umngani wabaqoqi bentela nezoni.’ + Noma kunjalo, ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” *+
-