-
Mathewu 18:1-5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 Ngalelo hora abafundi basondela kuJesu bathi: “Ubani ngempela omkhulu kunabo bonke eMbusweni wamazulu?” + 2 Ngakho, wabiza umntwana omncane, wammisa phakathi kwabo 3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, ngaphandle kokuba niguquke* futhi nibe njengabantwana, + anisoze nangena eMbusweni wamazulu. + 4 Ngakho-ke, noma ubani oyozithoba njengalo mntwana nguye omkhulu kunabo bonke eMbusweni wamazulu; + 5 futhi noma ubani owamukela umntwana oyedwa njengalo egameni lami uyangamukela nami.
-
-
Marku 9:33-37IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
33 Bafika eKapernawume. Lapho esengaphakathi endlini, wababuza lo mbuzo: “Beniphikisana ngani endleleni?” + 34 Bathula, ngoba endleleni babekade bephikisana ngokuthi ubani omkhulu kunabanye. 35 Ngakho wahlala phansi wabiza abayiShumi Nambili,* wathi kubo: “Uma noma ubani efuna ukuba owokuqala, kumele abe owokugcina kunabo bonke futhi abe isikhonzi sabo bonke.” + 36 Wabe esethatha umntwana omncane, wammisa phakathi kwabo; wabeka izandla emahlombe akhe, wathi kubo: 37 “Noma ubani owamukela oyedwa kubantwana abanje + egameni lami, uyangamukela nami; futhi noma ubani ongamukelayo, akamukeli mina kuphela, kodwa naLowo ongithumile.” +
-