32 Lapho sebehamba, abantu bamlethela umuntu oyisimungulu onedemoni; + 33 ngemva kokuba idemoni selixoshiwe, umuntu oyisimungulu wakhuluma. + Nokho, izixuku zamangala zathi: “Akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli.” + 34 Kodwa abaFarisi babethi: “Uxosha amademoni ngombusi wamademoni.” +