Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 12:24-30
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 24 Lapho bezwa lokhu, abaFarisi bathi: “Lo muntu uxosha amademoni ngoBhelizebhubhe* kuphela, umbusi wamademoni.” + 25 Eyazi imicabango yabo, wathi kubo: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyawa futhi wonke amadolobha noma izindlu ezihlukene phakathi ngeke zime. 26 Ngendlela efanayo, uma uSathane exosha uSathane, uhlukene yedwa; pho umbuso wakhe uyoma kanjani? 27 Ngaphezu kwalokho, uma mina ngixosha amademoni ngoBhelizebhubhe, amadodana enu wona awaxosha ngobani? Yingakho eyoba abahluleli benu. 28 Kodwa uma kungukuthi ngixosha amademoni ngomoya kaNkulunkulu, ngempela uMbuso kaNkulunkulu usunificile. + 29 Noma, umuntu angayihlasela kanjani indlu yomuntu onamandla amqhwage izinto zakhe, ngaphandle kokuba aqale abophe lowo muntu onamandla? Khona-ke uyobe esephanga indlu yakhe. 30 Ongekho ngasohlangothini lwami umelene nami, nongaqoqi kanye nami uyahlakaza. +

  • Marku 3:22-27
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 22 Nababhali ababehle bevela eJerusalema babethi: “UnoBhelizebhubhe,* uxosha amademoni ngombusi wamademoni.” + 23 Wayesebabiza, wakhuluma nabo esebenzisa imifanekiso, wathi: “USathane angamxosha kanjani uSathane? 24 Umbuso uyokuwa uma abantu bawo belwa bodwa; + 25 nendlu ngeke ime uma abantu bakhona belwa bodwa. 26 Ngokufanayo, uma uSathane ezivukela yena uqobo ahlukane phakathi, akanakuma, kodwa leso kuyoba isiphetho sakhe. 27 Eqinisweni, akekho ongena endlini yomuntu onamandla ongakwazi ukweba izinto zakhe ngaphandle kokuba aqale abophe lowo muntu onamandla. Khona-ke uyobe esephanga indlu yakhe.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela