-
Mathewu 24:37-39IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
37 Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, + kuyoba njalo nokuba khona* kweNdodana yomuntu. + 38 Ngoba njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukaZamcolo, bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane beshadiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, + 39 futhi abanakanga kwaze kwafika uZamcolo, wabakhukhula bonke, + kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.
-