-
Mathewu 20:29-34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
29 Njengoba bephuma eJeriko, walandelwa isixuku esikhulu. 30 Izimpumputhe ezimbili ezazihlezi eceleni komgwaqo zezwa ukuthi kwakudlula uJesu, zamemeza zathi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” + 31 Kodwa isixuku sazikhuza, sizitshela ukuba zithule; nokho zamemeza ngisho nakakhulu, zithi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” 32 Ngakho uJesu wama, wazibiza wathi: “Nifuna nginenzeleni?” 33 Zathi kuye: “Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke.” 34 UJesu wazihawukela wathinta amehlo azo, + masinyane zabona, zamlandela.
-
-
Marku 10:46-52IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
46 Bafika eJeriko. Kodwa njengoba yena nabafundi bakhe nesixuku esikhulu bephuma eJeriko, uBartimewu (indodana kaThimewu), isinxibi* esiyimpumputhe, wayehlezi eceleni komgwaqo. + 47 Lapho ezwa ukuthi kwakunguJesu umNazaretha, wamemeza wathi: “Ndodana kaDavide, + Jesu, yiba nesihe kimi!” + 48 Abaningi bamkhuza bathi akathule, kodwa waqhubeka ememeza nakakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, yiba nesihe kimi!” 49 Ngakho uJesu wama, wathi: “Mbizeni eze kimi.” Bayibiza le mpumputhe, bethi kuyo: “Yiba nesibindi! Sukuma; uyakubiza.” 50 Ilahla ingubo yayo yangaphandle, yagxuma yama ngezinyawo yaya kuJesu. 51 UJesu wathi kuyo: “Ufuna ngikwenzeleni?” Le mpumputhe yathi kuye: “Rabuni,* ngenze ngiphinde ngibone.” 52 UJesu wathi kuyo: “Hamba. Ukholo lwakho lukuphilisile.” + Masinyane yaphinde yabona, + yabe isimlandela endleleni.
-