-
Mathewu 21:33-41IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
33 “Yizwani omunye umfanekiso: Kwakukhona umuntu, umnikazi wendawo, owatshala insimu yamagilebhisi + wayibiyela, wamba isikhamo sewayini kuyo wakha umbhoshongo; + wabe eseyiqashisa kubalimi, wahamba waya kude. + 34 Lapho inkathi yezithelo ifika, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuze zilande izithelo zakhe. 35 Nokho, abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. + 36 Waphinda wathumela ezinye izinceku, eziningi kunezokuqala, kodwa benza okufanayo nakuzo. + 37 Ekugcineni wathumela indodana yakhe kubo, ethi, ‘Bazoyihlonipha indodana yami.’ 38 Lapho bebona indodana, abalimi bakhuluma bodwa bathi, ‘Lena indlalifa. + Wozani, masiyibulale sithole ifa layo!’ 39 Ngakho bayibamba bayiphonsa ngaphandle kwensimu yamagilebhisi bayibulala. + 40 Lapho umnikazi wensimu efika, yini azoyenza kulabo balimi?” 41 Bathi kuye: “Ngenxa yokuthi babi, uyoletha imbubhiso embi phezu kwabo, insimu yamagilebhisi ayiqashise kwabanye abalimi, abayomnika izithelo lapho kufika isikhathi sazo.”
-
-
Marku 12:1-9IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Waqala ukukhuluma nabo ngemifanekiso ethi: “Umuntu othile watshala insimu yamagilebhisi, + wayibiyela, wamba umgodi wesikhamo sewayini wakha nombhoshongo; + wabe eseyiqashisa kubalimi, wahamba waya kude. + 2 Ngenkathi efanele wathumela inceku kubalimi ukuze iyolanda ezinye zezithelo zensimu yamagilebhisi kubo. 3 Kodwa bayibamba, bayishaya, bayihambisa ingaphethe lutho. 4 Waphinda wathumela enye inceku kubo, yona bayishaya ekhanda bayihlambalaza. + 5 Wathumela enye futhi, yona bayibulala, wathumela nezinye eziningi, ezinye kuzo bazishaya, ezinye bazibulala. 6 Wayesesele nowokugcina, indodana ethandekayo. + Iyona ayithumela kubo ekugcineni, ethi, ‘Bazoyihlonipha indodana yami.’ 7 Kodwa labo balimi bakhuluma bodwa bathi, ‘Lena indlalifa. + Wozani, masiyibulale, ifa lizoba elethu.’ 8 Ngakho bayibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwensimu yamagilebhisi. + 9 Yini umnikazi wensimu yamagilebhisi azoyenza? Uzoza ababulale laba balimi, insimu yamagilebhisi ayinike abanye. +
-