-
Mathewu 22:15-22IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Ngemva kwalokho abaFarisi bahamba, bacebisana ukuze bamcuphe ngenkulumo yakhe. + 16 Ngakho bathumela abafundi babo kuye, kanye namalungu eqembu likaHerode, + bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uneqiniso futhi ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, nokuthi awuthengi amehlo abantu, ngoba awubheki ukubukeka kwabantu kwangaphandle. 17 Ngakho sitshele, wena ucabangani? Kungokomthetho* yini ukukhokha intela yekhanda kuKhesari noma cha?” 18 Kodwa ebazi ububi babo, uJesu wathi: “Kungani ningivivinya bazenzisi? 19 Ngiboniseni uhlamvu lwemali yentela.” Bamlethela udenariyu.* 20 Wathi kubo: “Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?” 21 Bathi: “OkaKhesari.” Wabe esethi kubo: “Ngakho buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” + 22 Lapho bezwa lokho, bamangala, bahamba bamshiya.
-
-
Marku 12:13-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Ngemva kwalokho bathumela kuye abanye babaFarisi nabanye bamalungu eqembu likaHerode ukuze bathole iphutha enkulumweni yakhe. + 14 Lapho befika bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uneqiniso nokuthi awuthengi amehlo abantu, ngoba awubheki ukubukeka kwabantu kwangaphandle, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso. Kungokomthetho* yini ukukhokha intela yekhanda kuKhesari noma cha? 15 Sikhokhe noma singakhokhi?” Ebona ubuzenzisi babo, wathi kubo: “Kungani ningivivinya? Lethani lapha udenariyu* ngiwubone.” 16 Bawuletha, wathi kubo: “Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?” Bathi kuye: “OkaKhesari.” 17 UJesu wabe esethi: “Buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, + kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” + Yabamangaza indlela aphendula ngayo.
-