-
Mathewu 28:5-7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Kodwa ingelosi yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngoba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obulawelwe esigxotsheni. + 6 Akekho lapha, ngoba uvusiwe, njengoba asho. + Wozani nibone indawo abelele kuyo. 7 Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe kwabafile, usendleleni eya eGalile. + Nizombona khona. Bhekani! Nginitshelile.” +
-
-
Marku 16:5-7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Lapho bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokudla igqoke ingubo emhlophe, bashaqeka. 6 Yathi kubo: “Musani ukushaqeka. + Nifuna uJesu umNazaretha, obulawelwe esigxotsheni. Uvusiwe. + Akekho lapha. Bhekani! Nansi indawo abebembeke kuyo. + 7 Kodwa hambani, nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi, ‘Usendleleni eya eGalile. + Nizombona khona, njengoba nje enitshelile.’ ” +
-