-
Mathewu 14:19-21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
19 Wayala izixuku ukuba zihlale otshanini. Wabe esethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, ebheka phezulu ezulwini, wathandaza, + ngemva kokuhlephula izinkwa, wazinika abafundi, abafundi bona bazinika izixuku. 20 Ngakho bonke badla basutha, baqoqa izingcezwana eziyizinsalela, zagcwala obhasikidi abangu-12. + 21 Labo ababedla kwakungamadoda acishe abe ngu-5 000, uma bengabalwa abesifazane nabantwana. +
-
-
Marku 6:39-44IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
39 Wayala bonke abantu ukuba bahlale ngamaqembu otshanini obuluhlaza. + 40 Ngakho bahlala ngamaqembu abangu-100 nawabangu-50. 41 Ethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini wathandaza. *+ Wabe esehlephula izinkwa wazinika abafundi bakhe ukuze bona bazinike abantu, wabahlukanisela bonke izinhlanzi ezimbili. 42 Ngakho bonke badla basutha, 43 baqoqa okwakusele kwagcwala obhasikidi abangu-12, ngaphandle kwezinhlanzi. + 44 Labo abadla izinkwa kwakungamadoda angu-5 000.
-
-
Luka 9:14-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 Eqinisweni, kwakungamadoda acishe abe ngu-5 000. Kodwa wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu abantu abangaba ngu-50 eqenjini ngalinye.” 15 Benza kanjalo, babahlalisa phansi bonke. 16 Wathatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini, wazibusisa. Wabe esezihlephula, wazinika abafundi bakhe ukuba bazihambisele isixuku. 17 Ngakho bonke badla basutha, okwasala bakuqoqa, obhasikidi abangu-12. +
-