Mathewu 14:19 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 19 Wayala izixuku ukuba zihlale otshanini. Wabe esethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, ebheka phezulu ezulwini, wathandaza, + ngemva kokuhlephula izinkwa, wazinika abafundi, abafundi bona bazinika izixuku. Marku 7:34, 35 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele 34 Ebheka phezulu ezulwini, wabubula kakhulu wathi kuye: “Efufatha,” okuwukuthi, “Vuleka.” 35 Izindlebe zakhe zavuleka, + kwaphela nokuba namalimi, wakhuluma ngendlela evamile.
19 Wayala izixuku ukuba zihlale otshanini. Wabe esethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, ebheka phezulu ezulwini, wathandaza, + ngemva kokuhlephula izinkwa, wazinika abafundi, abafundi bona bazinika izixuku.
34 Ebheka phezulu ezulwini, wabubula kakhulu wathi kuye: “Efufatha,” okuwukuthi, “Vuleka.” 35 Izindlebe zakhe zavuleka, + kwaphela nokuba namalimi, wakhuluma ngendlela evamile.