-
Mathewu 26:6-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 Ngesikhathi uJesu eseBhethaniya endlini kaSimoni onochoko, + 7 kwasondela kuye owesifazane othile ephethe ibhodlela le-alabhaste lamafutha abizayo anamakha, wawathela ekhanda lakhe njengoba edla.* 8 Lapho bebona lokhu, abafundi bathukuthela bathi: “Okwani lokhu kusaphaza okungaka? 9 Ngoba la mafutha ngabe adayiswe ngemali enkulu, yaphiwa abahluphekayo.” 10 Ekuqaphela lokhu, uJesu wathi kubo: “Kungani nimkhathaza lona wesifazane? Wenze into enhle kimi.
-
-
Marku 14:3-6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Ngesikhathi eseBhethaniya edla* endlini kaSimoni onochoko, kweza owesifazane ephethe ibhodlela le-alabhaste lamafutha anamakha, abiza kakhulu, inadi loqobo. Wavula* ibhodlela le-alabhaste wawathela ekhanda lakhe. + 4 Lapho bebona lokhu, abanye bathukuthela bathi: “Kungani la mafutha anamakha esaphazwa? 5 Ngoba la mafutha anamakha ngabe adayiswe ngodenariyu* abangaphezu kuka-300, leyo mali yaphiwa abahluphekayo!” Bamcasukela kakhulu.* 6 Kodwa uJesu wathi: “Myekeni. Kungani nimkhathaza? Wenze into enhle kimi. +
-