Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IzEnzo 4:29, 30
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 29 Manje Jehova,* naka izinsongo zabo, wenze izinceku zakho ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi, 30 kuyilapho welula isandla sakho ukuze uphulukise futhi kwenzeka izibonakaliso nezimangaliso + egameni lenceku yakho engcwele uJesu.” +

  • IzEnzo 6:8
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 8 UStefanu, egcwele umusa waphezulu namandla, wenza izimangaliso ezinkulu nezibonakaliso phakathi kwabantu.

  • IzEnzo 14:3
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 Ngakho bachitha isikhathi eside bekhuluma ngesibindi begunyazwe uJehova,* owafakazela izwi lomusa wakhe omkhulu ngokuvumela ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngabo. +

  • IzEnzo 15:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Lapho bezwa lokho, bonke bathula, baqala ukulalela uBarnaba noPawulu belandisa izibonakaliso nezimangaliso eziningi uNkulunkulu ayezenze ngabo phakathi kwezizwe.

  • Roma 15:18, 19
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 18 Ngoba ngeke ngikhulume nangento eyodwa, ngizokhuluma kuphela ngezinto uKristu azenza ngami ukuze izizwe zilalele, ngezwi nangesenzo sami, 19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, + ngamandla omoya kaNkulunkulu, kangangokuthi kusukela eJerusalema kuze kufike e-Iliriku ngizishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle ngoKristu. +

  • 2 Korinte 12:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Ngempela, izibonakaliso zomphostoli zavezwa phakathi kwenu ngokukhuthazela okukhulu, + nangezibonakaliso nezimangaliso nemisebenzi yamandla. +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela