-
Eksodusi 3:2-10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 Ngemva kwalokho ingelosi kaJehova yabonakala kuye iselangabini lomlilo phakathi kwesihlahla sameva. + Njengoba ayeqhubeka ebuka, wabona ukuthi isihlahla sameva sasivutha kodwa singashi. 3 UMose wathi: “Ngizohamba ngiyohlola lesi simanga, ngibone ukuthi kungani lesi sihlahla sameva singashi.” 4 Lapho uJehova ebona ukuthi uMose uyobheka, wambiza esihlahleni sameva wathi: “Mose! Mose!” yena wathi: “Ngilapha.” 5 UNkulunkulu wabe esethi: “Ungabe usasondela. Khumula izimbadada zakho, ngoba indawo omi kuyo ingcwele.”
6 Waqhubeka wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, + uNkulunkulu ka-Isaka + noNkulunkulu kaJakobe.” + UMose wabe esesitha ubuso bakhe ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu weqiniso. 7 UJehova wanezela: “Ngikubonile ngempela ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, ngakuzwa nokukhala kwabo ngenxa yalabo ababaphoqa ukuba basebenze; ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. + 8 Ngizokwehla ngiyobakhulula kwabaseGibhithe, + ngibakhuphule baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelivulekile, ezweni eligeleza ubisi noju, + indawo yamaKhanani, amaHeti, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi namaJebusi. + 9 Bheka! Ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli kufinyelele kimi, ngiyibonile indlela enesihluku abaseGibhithe ababacindezela ngayo. + 10 Manje woza, ngizokuthuma kuFaro futhi uzokhipha abantu bami ama-Israyeli eGibhithe.” +
-