-
Genesise 39:10-12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Ngakho wayekhuluma noJosefa usuku nosuku, kodwa akazange avume ukulala naye noma ukuba naye. 11 Ngolunye usuku lapho engena endlini eyokwenza umsebenzi wakhe, kwakungekho neyodwa yezinceku endlini. 12 Umkankosi wambamba ngengubo, wathi: “Lala nami!” Kodwa uJosefa wayishiya esandleni sakhe ingubo yakhe wabalekela ngaphandle.
-