-
Genesise 24:2, 3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
2 U-Abrahama wathi encekwini yakhe endala kunazo zonke emndenini wakhe, eyayiphethe konke ayenakho: + “Ngicela ubeke isandla sakho ngaphansi kwethanga lami, 3 ngizokwenza ufunge uJehova, uNkulunkulu wamazulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, engihlala phakathi kwawo. +
-
-
Nehemiya 13:25, 26IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
25 Ngakho ngawathethisa lawo maJuda ngawaqalekisa, ngashaya amanye amadoda kuwo, + ngahluthula izinwele zawo ngase ngiwafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Akufanele niganisele amadodana abo ngamadodakazi enu, akufanele nithathe amadodakazi abo ukuba abe abafazi benu noma bamadodana enu. + 26 Akubona yini laba inkosi yakwa-Israyeli uSolomoni eyona ngenxa yabo? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; + uNkulunkulu wakhe wayemthanda, + kangangokuthi uNkulunkulu wamenza inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli. Kodwa ngisho naye abafazi bezinye izizwe bamonisa. +
-