-
2 Korinte 12:9, 10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
9 Kodwa yathi kimi: “Umusa wami omkhulu ukwanele, ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” + Ngakho, ngokuthokoza okukhulu ngizoqhosha ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende. 10 Ngakho ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokuthukwa, ngezikhathi zokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona. +
-