-
Eksodusi 19:12, 13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Kumele ubekele abantu imingcele izungeze yonke intaba, uthi kubo, ‘Qaphelani ningakhuphukeli entabeni noma nithinte umngcele wayo. Noma ubani obeka unyawo lwakhe entabeni uyobulawa nakanjani. 13 Akukho sandla okumele simthinte, kodwa uyoshaywa ngamatshe noma acibishelwe.* Kungakhathaliseki ukuthi isilwane noma umuntu, ngeke kuphile.’ + Kodwa uma kukhala uphondo lwenqama + bangakhuphukela entabeni.”
-