-
Duteronomi 24:14, 15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 “Akumele uphambe isisebenzi esintulayo noma esihluphekayo, kungakhathaliseki ukuthi singomunye wabafowenu noma isifiki ezweni lakini, emadolobheni* akho. + 15 Kufanele usiholele ngalo lolo suku, + lingakashoni ilanga, ngoba sihluphekile futhi sithembele kulo mholo ukuze siphile. Kungenjalo, siyokhala ngawe kuJehova, wena ube nesono. +
-
-
Jeremiya 22:13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Maye kulowo owakha indlu yakhe ngokungathembeki
Namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungisa,
Osebenzisa umuntu angamniki lutho,
Owenqaba ukumholela; +
-