-
IsAmbulo 13:15-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Savunyelwa ukuba sinike isithombe sesilo sasendle umoya,* ukuze lesi sithombe sesilo sasendle sikhulume futhi sibangele ukuba kubulawe bonke abangasoze basikhulekele isithombe sesilo sasendle.
16 Siphoqa bonke abantu—abantukazana nezikhulu, abacebile nabampofu, abakhululekile nezigqila—ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokudla noma esiphongweni* sabo, + 17 nokuba kungabikho muntu ozokwazi ukuthenga noma ukuthengisa ngaphandle komuntu onophawu, igama + lesilo sasendle noma inombolo yegama laso. +
-