UHoseya
12 “U-Efrayimi udla umoya.
Uxoshana nomoya wasempumalanga usuku lonke.
Wandisa amanga nobudlova.
Benza isivumelwano ne-Asiriya, + bayise amafutha eGibhithe. +
2 Kunecala uJehova okumele aliqulise uJuda; +
Uyokwenza uJakobe alandise ngokwezindlela zakhe,
Uyombuyisela ngokwezenzo zakhe. +
4 Waqhubeka elwa nengelosi wanqoba.
Wakhala, wanxusa umusa wayo.” +
UNkulunkulu wamthola eBhethele, wakhuluma nathi lapho. +
5 UJehova uNkulunkulu wamabutho, +
Elithi Jehova yigama akhunjulwa ngalo. +
6 “Ngakho buyela kuNkulunkulu wakho, +
Londa uthando oluqotho nobulungisa, +
Thembela kuNkulunkulu wakho njalo.
Kukho konke ukukhandleka kwami, ngeke bathole lutho olungalungile noma oluyisono.’
9 Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kusukela ezweni laseGibhithe. +
Ngiyophinde ngikuhlalise ematendeni
Njengasezinsukwini zesikhathi* esimisiwe.
Ngayandisa imibono ababeyibona,
Ngasho nemizekeliso ngisebenzisa abaprofethi.
11 Kube khona inkohliso* nokungelona iqiniso ngeGileyadi. +
Benze umhlatshelo ngezinkunzi eGiligali, +
Ama-altare abo anjengezinqwaba zamatshe emiseleni yensimu. +