UDaniyeli
10 Ngonyaka wesithathu kaKoresi + inkosi yasePheresiya, uDaniyeli okwakuthiwa uBheliteshazari + wanikwa umbono; lo myalezo wawuyiqiniso futhi wawuphathelene nempi enkulu. Wawuqonda lo myalezo, wanikwa ukuqonda ngento ayeyibonile.
2 Ngalezo zinsuku mina Daniyeli, ngangikade ngilila + amasonto amathathu agcwele. 3 Angizange ngikudle ukudla okumnandi, akungenanga nyama nawayini emlonyeni wami, angizange ngigcobe mafutha kwaze kwaphela amasonto amathathu agcwele. 4 Ngosuku luka-24 lwenyanga yokuqala, ngesikhathi ngisosebeni lomfula omkhulu, iTigrisi, *+ 5 ngaphakamisa amehlo ami ngabona umuntu owayegqoke ilineni, + efake ibhande legolide lase-Ufazi okhalweni. 6 Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, + ubuso bakhe bunjengombani, amehlo akhe enjengezibani ezivuthayo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe kwakunjengethusi elipholishiwe, + kanti umsindo wezwi lakhe wawunjengomsindo wesixuku. 7 Yimi kuphela, mina Daniyeli owabona lo mbono; abantu ababenami abawubonanga lo mbono. + Nokho, besaba kakhulu, babaleka bayocasha.
8 Khona-ke ngasala ngedwa, lapho ngibona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa amandla ngasala ngingenasithunzi, angibanga namandla. + 9 Ngabe sengimuzwa ekhuluma; kodwa lapho ngimuzwa ekhuluma, ngaquleka ubuso bami bubheke emhlabathini. + 10 Kodwa kwaba khona isandla esangithinta, + sanginyakazisa ukuba ngizimelele ngamadolo nangezandla zami. 11 Wathi kimi:
“O Daniyeli, wena muntu oyigugu kakhulu, *+ naka amazwi engizowasho kuwe. Sukuma ume lapho ubumi khona ngoba ngithunywe kuwe.”
Lapho engitshela lokhu, ngasukuma ngiqhaqhazela.
12 Wabe esethi kimi: “Ungesabi Daniyeli. + Amazwi akho ezwakala kusukela osukwini lokuqala owanikela ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu, manje mina ngifikile ngenxa yamazwi akho. + 13 Kodwa isikhulu + sombuso wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingu-21. Kodwa uMikayeli, *+ omunye wezikhulu eziphambili,* weza ezongisiza; mina ngangilokhu ngilapho eceleni kwamakhosi asePheresiya. 14 Ngize ukuzokwenza uqonde lokho okuyokwehlela abantu bakini engxenyeni yokugcina yezinsuku, + ngoba kungumbono wezinsuku ezizayo.” +
15 Lapho ekhuluma la mazwi kimi, ngabheka phansi, ngaphelelwa amazwi. 16 Lowo ofana nomuntu wathinta izindebe zami, + ngavula umlomo wami ngathi kulowo owayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngiyaqhaqhazela ngenxa yombono, anginamandla. + 17 Pho mina nceku yakho ngingakhuluma kanjani nawe nkosi yami? + Ngoba manje anginamandla futhi ngiphelelwe umoya.” +
18 Lowo ofana nomuntu waphinde wangithinta futhi wangiqinisa. + 19 Wathi: “Ungesabi + muntu oyigugu kakhulu. *+ Kwangathi ungaba nokuthula. + Qina, yebo, yiba namandla.” Njengoba ekhuluma nami ngathola amandla ngathi: “Inkosi yami mayikhulume, ngoba ungiqinisile.”
20 Waqhubeka wathi: “Uyazi yini ukuthi kungani ngize kuwe? Manje ngizophindela emuva ngiyolwa nesikhulu sasePheresiya. + Uma ngisuka kuso, kuzofika isikhulu saseGrisi. 21 Nokho, ngizokutshela izinto ezibhalwe embhalweni weqiniso. Akukho muntu ongisekelayo kulezi zinto ngaphandle kukaMikayeli, + isikhulu senu. +