U-Isaya
46 UBheli uyagoba, + uNebo uyafola.
Izithixo zabo zilayishwe ezilwaneni, ezilwaneni ezithwala imithwalo, +
Njengemithwalo esinda izilwane ezikhathele.
3 “O wena ndlu kaJakobe, ngilalele, nani nonke enisele endlini ka-Israyeli, +
Nina enginisekele kusukela nizalwa, nganinakekela kusukela esibelethweni. +
4 Ngiyolokhu ngingofanayo nize niguge; +
Ngiyoqhubeka nginisekela kuze kube yilapho izinwele zenu sezimpunga.
Njengoba ngenzile ngizonithwala, nginisekele nginikhulule. +
6 Kukhona labo abakhipha igolide esikhwameni sabo;
Bakala isiliva esikalini.
Baqasha osebenza ngensimbi, alenze libe ngunkulunkulu. +
Bayamkhothamela, yebo, bamkhonze. +
Akasuki endaweni yakhe. +
Bayammemeza kodwa akaphenduli;
Akakwazi kusindisa muntu ekucindezelekeni. +
8 Kukhumbuleni lokhu, niqunge isibindi.
Nicabange ngakho ezinhliziyweni, nina zeqamthetho.
NginguNkulunkulu akekho ofana nami. +
11 Ngibiza inyoni edla inyama empumalanga. +
Ngibiza umuntu ozofeza injongo* yami ezweni elikude. +
Ngikhulumile futhi ngizokuletha.
Ngikuhlosile futhi ngizokwenza. +
Ngizonika insindiso eZiyoni, nginike no-Israyeli ubuhle bami.” +