Eyokuqala YeziKronike
15 Waqhubeka ezakhela izindlu eDolobheni LikaDavide, walungisa nendawo yoMphongolo kaNkulunkulu weqiniso futhi wagxumeka itende lawo. + 2 Kungaleso sikhathi lapho uDavide athi khona: “Akekho okumele athwale uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso ngaphandle kwamaLevi, ngoba yiwo uJehova awakhethele ukuthwala uMphongolo kaJehova nokuba amkhonze njalo.” + 3 UDavide wabe eseqoqela wonke u-Israyeli eJerusalema ukuze alethe uMphongolo kaJehova endaweni ayewulungiselele yona. +
4 UDavide waqoqa inzalo ka-Aroni + namaLevi: + 5 kumaKohati, u-Uriyeli induna nabafowabo abangu-120; 6 kumaMerari, u-Asaya + induna nabafowabo abangu-220; 7 kumaGereshomu, uJoweli + induna nabafowabo abangu-130; 8 enzalweni ka-Elizafani, + uShemaya induna nabafowabo abangu-200; 9 enzalweni kaHebroni, u-Eliyeli induna nabafowabo abangu-80; 10 enzalweni ka-Uziyeli, + u-Aminadaba induna nabafowabo abangu-112. 11 Ngaphezu kwalokho, uDavide wabiza abapristi uZadoki + no-Abhiyathara, + namaLevi u-Uriyeli, u-Asaya, uJoweli, uShemaya, u-Eliyeli no-Aminadaba, 12 wathi kubo: “Niyizinhloko zemindeni yoyihlo bamaLevi. Zingcweliseni, nina nabafowenu, nikhuphule uMphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli niwulethe endaweni engiwulungisele yona. 13 Ngenxa yokuthi aniwuthwalanga ekuqaleni, + uJehova uNkulunkulu wethu wasithukuthelela + ngoba asizange sisilandele isiqondiso sakhe.” + 14 Ngakho abapristi namaLevi bazingcwelisa ukuze bakhuphule uMphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
15 Ngakho amaLevi awuthwala ngezinduku zawo emahlombe uMphongolo + kaNkulunkulu weqiniso, njengoba nje uMose ayeyalile ngezwi likaJehova. 16 UDavide wabe esetshela izinduna zamaLevi ukuba zimise abafowabo abangabahlabeleli abazocula ngenjabulo bephelezelwa izinsimbi zomculo: izinsimbi zomculo ezinezintambo, amahabhu + namasimbali. +
17 Ngakho amaLevi amisa uHemani + indodana kaJoweli, no-Asafa + indodana kaBherekiya kubafowabo, u-Ethani + indodana kaKhushaya, wamaMerari abafowabo. 18 Kanye nabo kwakunabafowabo besigaba sesibili, + uZakariya, uBheni, uJaziyeli, uShemiramoti, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uBhenaya, uMahaseya, uMatithiya, u-Elifelehu noMikineya, kanye no-Obede-edomi noJeheyeli abalindisango. 19 Abahlabeleli uHemani, + u-Asafa + no-Ethani babezodlala amasimbali ethusi; + 20 uZakariya, u-Aziyeli, uShemiramoti, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya noBhenaya babedlala izinsimbi zomculo ezinezintambo ezifakwe enothini le-Alamoti; *+ 21 uMatithiya, + u-Elifelehu, uMikineya, u-Obede-edomi, uJeheyeli no-Azaziya babedlala amahabhu adlala ngenothi leSheminiti *+ ukuze babe abaqondisi. 22 UKhenaniya + induna yamaLevi wayeqondisa ukuthwalwa koMphongolo ngoba wayenguchwepheshe, 23 uBherekiya no-Elkana babengabaqaphi* boMphongolo. 24 Abapristi uShebaniya, uJoshafati, uNethaneli, u-Amasayi, uZakariya, uBhenaya no-Eliyezeri babeshaya amacilongo kakhulu phambi koMphongolo kaNkulunkulu weqiniso, + u-Obede-edomi noJehiya babengabaqaphi boMphongolo.
25 UDavide namadoda amadala akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane babehamba ngenjabulo + beyolanda umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede-edomi. + 26 Lapho uNkulunkulu weqiniso esiza amaLevi ayethwele umphongolo wesivumelwano sikaJehova, enza umhlatshelo ngamathole amaduna ayisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. + 27 UDavide wayegqoke ijazi elingenamikhono lendwangu esezingeni eliphezulu, njengoba kwakunjalo nangawo wonke amaLevi ayethwele uMphongolo, abahlabeleli, noKhenaniya induna eyengamele ukuthwalwa koMphongolo nabahlabeleli; uDavide wayegqoke ne-efodi lelineni. + 28 Wonke ama-Israyeli ayekhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ememeza ngenjabulo, + eshaya uphondo, amacilongo, + amasimbali, ekhalisa kakhulu izinsimbi zomculo ezinezintambo namahabhu. +
29 Kodwa kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika eDolobheni LikaDavide, + uMikhali, indodakazi kaSawule, + walunguza ngefasitela wabheka phansi wabona iNkosi uDavide itshakadula igiya; wayeseyidelela enhliziyweni yakhe. +