Ihubo likaDavide.
143 O Jehova, yizwa umthandazo wami; +
Lalela lapho ngikhalela usizo.
Ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho, ngiphendule.
2 Ungayahluleli inceku yakho,
Ngoba akukho muntu ophilayo ongaba olungile phambi kwakho. +
3 Ngoba isitha siyangijaha;
Sichobozele ukuphila kwami emhlabathini.
Singibangele ukuba ngihlale ebumnyameni njengalabo abafa kudala.
4 Ngiphelelwa amandla; +
Inhliziyo yami indikindiki. +
5 Ngikhumbula izinsuku zakudala;
Ngicabanga ngawo wonke umsebenzi wakho; +
Ngizindla ngomsebenzi wezandla zakho.
6 Ngelulela izandla zami kuwe;
Nginjengezwe elomile, elomele wena. + (Sela)
7 O Jehova, ngiphendule ngokushesha; +
Amandla ami aphelile. +
Ungangifihleli ubuso bakho, +
Ngale kwalokho ngizofana nalabo abehlela egodini. +
8 Mangizwe uthando lwakho oluqotho ekuseni,
Ngoba ngithembele kuwe.
Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo, +
Ngoba ngiphendukela kuwe.
9 Jehova, ngikhulule ezitheni zami.
Ngifuna ukuvikelwa nguwe. +
10 Ngifundise ukwenza intando yakho, +
Ngoba wena unguNkulunkulu wami.
Umoya wakho muhle;
Kwangathi ungangihola emhlabathini oqondile.
11 Ngilonde ngenxa yegama lakho Jehova.
Ngikhulule osizini ngokulunga kwakho. +
12 Ziqothule zonke izitha zami ngenxa yothando lwakho oluqotho; +
Babhubhise bonke abangihlukumezayo, +
Ngoba ngiyinceku yakho. +