Eyokuqala YaMakhosi
16 Izwi likaJehova lokwahlulela uBhahasha lafika kuJehu + indodana kaHanana, + lathi: 2 “Ngakuvusa othulini ngakwenza umholi phezu kwabantu bami u-Israyeli, + kodwa wena wahamba ngendlela kaJerobowamu wabangela abantu bami u-Israyeli ukuba bone, bangicasula ngezono zabo. + 3 Ngakho ngizombhuqa uBhahasha nendlu yakhe, ngizokwenza indlu yakhe ibe njengendlu kaJerobowamu + indodana kaNebhati. 4 Noma ubani ongokaBhahasha ofela edolobheni uyodliwa yizinja; noma ubani ongowakhe ofela endle uyodliwa yizinyoni zezulu.”
5 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaBhahasha, lokho akwenza namandla akhe, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 6 Ekugcineni uBhahasha walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eTiriza; + u-Elahi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 7 Ngomprofethi uJehu indodana kaHanana, izwi likaJehova lafika ngokumelene noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi abenza emehlweni kaJehova ngokumcasula ngomsebenzi wezandla zakhe, enza njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuthi wabulala uNadabi. +
8 Ngonyaka ka-26 wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Elahi indodana kaBhahasha waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eTiriza, wabusa iminyaka emibili. 9 Inceku yakhe uZimri induna yengxenye yebutho labahamba ngezinqola, yamakhela uzungu ngesikhathi eseTiriza ephuze waze wadakwa endlini ka-Ariza, owayengamele indlu yakhe eTiriza. 10 UZimri wangena wamshaya + wambulala ngonyaka ka-27 ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 11 Lapho eba yinkosi, ngokushesha nje lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBhahasha. Akazange ashiye noyedwa kwabesilisa,* akashiyanga zihlobo* noma abangani bakhe. 12 Ngakho uZimri wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha, ngokwezwi likaJehova ayelikhulumile ngokumelene noBhahasha ngoJehu umprofethi. + 13 Lokhu kwakungenxa yazo zonke izono uBhahasha nendodana yakhe u-Elahi abazenza nezono ababangela u-Israyeli ukuba azenze ngokucasula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithixo zabo eziyize. + 14 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Elahi, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.
15 Ngonyaka ka-27 ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTiriza ngesikhathi amabutho ekanise ngokumelene neGibhethoni, + elalingelamaFilisti. 16 Ngemva kwesikhathi, amabutho ayekanisile ezwa kuthiwa uZimri wakhe uzungu wabulala inkosi. Ngakho wonke u-Israyeli wabeka u-Omri, + induna yebutho, ukuba abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu. 17 U-Omri ekanye nawo wonke u-Israyeli bakhuphuka besuka eGibhethoni bavimbezela iTiriza. 18 Lapho uZimri ebona ukuthi idolobha linqotshiwe, wangena embhoshongweni oqinile wendlu* yenkosi wathungela indlu ngomlilo engaphakathi kuyo, wafa. + 19 Lokhu kwakungenxa yezono zakhe ayezenzile ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nangesono ayebangele u-Israyeli ukuba asenze. + 20 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaZimri nozungu alwakha, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.
21 Kungaleso sikhathi lapho abantu bakwa-Israyeli bahlukana khona baba amaqembu amabili. Elinye iqembu lalandela uThibini indodana kaGinati, lifuna ukumenza inkosi, kanti elinye lalandela u-Omri. 22 Kodwa abantu ababelandela u-Omri babanqoba abantu ababelandela uThibini indodana kaGinati. Ngakho uThibini wafa, u-Omri waba yinkosi.
23 Ngonyaka ka-31 ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka engu-12. ETiriza wabusa iminyaka eyisithupha. 24 Wathenga intaba yaseSamariya kuShemeri ngamathalenta* amabili esiliva, wakha idolobha kuleyo ntaba. Waqamba lelo dolobha ayelakhile ngegama likaShemeri umnikazi* waleyo ntaba, wathi iSamariya. *+ 25 U-Omri wayelokhu enza okubi emehlweni kaJehova, wenza okubi kakhulu kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. + 26 Wahamba ngazo zonke izindlela zikaJerobowamu indodana kaNebhati nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli ngokucasula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithixo zakhe eziyize. + 27 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Omri, lokho akwenza namandla akhe, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 28 Ekugcineni u-Omri walala nokhokho bakhe wangcwatshwa eSamariya; u-Ahabi indodana yakhe + waba yinkosi esikhundleni sakhe.
29 U-Ahabi indodana ka-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka ka-38 ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Ahabi indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya + iminyaka engu-22. 30 U-Ahabi indodana ka-Omri wenza okubi kakhulu emehlweni kaJehova kunabo bonke ababengaphambi kwakhe. + 31 Njengokungathi kwakuyinto encane ukuba ahambe ezonweni zikaJerobowamu + indodana kaNebhati, wabuye wathatha uJezebeli + indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni + ukuba abe ngumkakhe, waqala ukukhonza uBhali + nokumkhothamela. 32 Ngaphezu kwalokho, wamisela uBhali i-altare endlini* kaBhali + ayakha eSamariya. 33 U-Ahabi wenza nesigxobo esingcwele. *+ U-Ahabi wenza okuningi ukuze acasule uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe.
34 Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wakha kabusha iJeriko. Wabeka isisekelo salo wafelwa u-Abhiramu izibulo lakhe, wafaka iminyango yalo wafelwa uSegubi uthunjana wakhe, ngokwezwi uJehova alikhuluma esebenzisa uJoshuwa indodana kaNuni. +