UJeremiya
46 Leli yizwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngokuphathelene nezizwe: + 2 NgeGibhithe, + ngokuphathelene nebutho lempi likaFaro Nekho + inkosi yaseGibhithe, owayengaseMfuleni i-Ewufrathe, owanqotshwa uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni eKharikemishi ngonyaka wesine kaJehoyakimi + indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda:
4 Bophelani amahhashi nigibele, nina bagibeli bawo.
Fakani izigqoko zokuzivikela nime ngomumo.
Lolani imikhonto bese nigqoka amajazi ensimbi.
5 ‘Kungani ngibabona bethukile?
Bayabaleka, amaqhawe abo anqotshiwe.
Abalekile ethukile, amaqhawe abo awazange aphenduke.
Wonke umuntu wethukile,’ kusho uJehova.
6 ‘Onejubane akakwazi ukubaleka, namaqhawe awakwazi ukuphunyuka.
Bakhubeke bawa enyakatho,
Ngasosebeni loMfula i-Ewufrathe.’ +
7 Ngubani lo ogcwala njengoMfula iNayile,
Njengemifula enezikhukhula?
8 IGibhithe ligcwala njengoMfula iNayile, +
Njengemifula enezikhukhula,
Lithi, ‘Ngizokwenyuka ngimboze umhlaba.
Ngizobhubhisa idolobha nabahlala kulo.’
9 Khuphukani nina mahhashi!
Nigijime sengathi niyahlanya nina zinqola!
10 “Lolo suku lungolweNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, usuku lokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyoshwabadela izanelise, izisuthise ngegazi labo, ngoba iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, inomhlatshelo* ezweni lasenyakatho ngaseMfuleni i-Ewufrathe. +
Uwandise ngeze amakhambi akho,
Ngoba alikho ikhambi lokukwelapha. +
Ngoba iqhawe likhutshwe elinye iqhawe,
Awe kanye kanye, womabili.”
13 Leli yizwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuqondene nokuza kukaNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni ezohlasela izwe laseGibhithe: +
14 “Kushoni eGibhithe, nikumemezele eMigidoli. +
Kumemezeleni eNofi* naseThahipanehesi. +
Thanini, ‘Yima ngomumo uzilungiselele,
Ngoba inkemba izodla nxazonke zakho.
15 Kungani amaqhawe akho ekhukhuliwe?
Awakwazanga ukuma,
Ngoba uJehova uwawisile.
16 Akhubeka ngobuningi awe.
Elinye lithi kwelinye:
“Vuka! Masibuyele kubantu bakithi nasezweni lethu
Ngenxa yenkemba enesihluku.” ’
17 Amasosha akho amemezele lapho athi,
‘UFaro inkosi yaseGibhithe wazi ukubanga umsindo nje
18 ‘Ngifunga ngokuphila kwami,’ kusho iNkosi, enguJehova wamabutho igama layo,
‘Uyoqhamuka* njengeThabori + phakathi kwezintaba
NanjengeKarmeli + ngasolwandle.
19 Bopha umthwalo wakho ulungele ukudingiswa,
Wena ndodakazi yaseGibhithe.
20 IGibhithe linjengesithole esihle kakhulu.
Kodwa liyohlaselwa izibawu zivela enyakatho.
21 Ngisho namasosha alo aqashiwe phakathi kwalo anjengamathole akhuluphele,
Kodwa aphendukile abaleka wonke.
22 ‘Izwi lalo linjengelenyoka ehambayo,
Ngoba izitha ziyolijaha ziphethe izimbazo,
Njengabantu abagawula izihlahla.*
23 Bayoligawula ihlathi lalo,’ kusho uJehova, ‘nakuba kwakubonakala kungangeneki kulo
Ngoba baningi kakhulu kunezintethe, abanasibalo.
24 Indodakazi yaseGibhithe iyokwenziwa ibe namahloni.
Iyonikelwa kubantu basenyakatho.’ +
25 “UJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizomjezisa u-Amoni + waseNo, *+ uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo + namakhosi alo—yebo uFaro nabo bonke abathembela kuye.’ +
26 “ ‘Ngiyobanikela kulabo abafuna ukubabulala, kuNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni + nasezincekwini zakhe. Nokho kamuva iGibhithe liyohlalwa njengasendulo,’ kusho uJehova. +
UJakobe uyobuya ahlale ngokuthula angaphazanyiswa yilutho,
Kungekho muntu omenza esabe. +
28 Ngakho ungesabi nceku yami Jakobe,’ kusho uJehova, ‘ngoba nginawe.