NgokukaMarku
16 Ngakho lapho iSabatha + seliphelile, uMariya Magdalena, uMariya + unina kaJakobe noSalome, bathenga iziqholo ukuze bamgcobe ngazo emzimbeni. + 2 Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lwesonto lapho ilanga seliphumile, bafika ethuneni. + 3 Babethi komunye nomunye: “Ubani ozosigingqela itshe alisuse emnyango wethuna?” 4 Kodwa lapho bephakamisa amehlo, babona ukuthi itshe ligingqiwe lasuswa, nakuba lalilikhulu kakhulu. + 5 Lapho bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokudla igqoke ingubo emhlophe, bashaqeka. 6 Yathi kubo: “Musani ukushaqeka. + Nifuna uJesu umNazaretha, obulawelwe esigxotsheni. Uvusiwe. + Akekho lapha. Bhekani! Nansi indawo abebembeke kuyo. + 7 Kodwa hambani, nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi, ‘Usendleleni eya eGalile. + Nizombona khona, njengoba nje enitshelile.’ ” + 8 Ngakho lapho bephuma ethuneni, babaleka, bethuthumela futhi beshaqekile ngenxa yokwesaba. Abashongo lutho kumuntu ngoba babesaba. *+